PREDAC 2019Poster:Storyboarding in class, IsiZulu (original) (raw)

2019

Abstract

Ibhodi elixoxa indaba insiza-kufundisa exoxa indaba ngokusebenzisa izithombe engalekelela abafundi kuzona zonke izinhlaka emkhakheni wezemfundo. Isibonisi sezithombe sinika amandla imiqondo eyisisekelo esekwe kwisifundo ngasinye. Bobali othisha kanye nabafundi babamba iqhaza kulenqubo yokubekwa kwendaba ngezingxoxo eziqhubekayo egumbini lokufundela. Imiqondo nemibono ikhonjiswa ngendlela ebonakalayo ebhodini elixoxa indaba futhi ngokujwayelekile ingafaka (i) ukubuyekeza isihloko kanye nokwethulwa kwemibono ethuthukile ngaphakathi kwesihloko, (ii) izinjongo zokufunda, (iii) iskhathi sokuzilungiselela kwabafundi ngaphandle nangaphakathi kwegumbi lokufundela, (iv) izithiyo zokufunda kanye (v) nokuqonda imiqondo yokufunda eyinkimbinkimbi equkethwe. Abafundi baphonswa inselela yokuthola imqondo esemqoka ngaphakthi kwendida-magama, ukuxhumana kwawo amagama, nokukhuliswa kwemibuzo eyinselelo yengqikithi. Ukusetshenziswa kwamabhodi axoxa indaba kunika abafundi ithuba lokukhulisa amakhono ab...

Bianke Loedolff hasn't uploaded this paper.

Let Bianke know you want this paper to be uploaded.

Ask for this paper to be uploaded.