Ezokwelapha (original) (raw)

Oil painting of medicine in the age of colonialism

Umfanekiso obizwa inyanga kaSir Luke Fildes (1891)

Ezokwelapha inzululwazi kanye nomsebenzi[1] wokunakekela iziguli, ukuphatha ezokuxilonga, ezokuhlahla, ukuvimbela, ukwelashwa kanye nokunciphisa ukulimala noma isifo sabo, kuyilapho kuthuthukiswa impilonhle yabo . Ezokwelapha kuhlanganisa izindlela ezahlukene zokunakekelwa kwempilo ezathuthukiswa ukuze kugcinwe futhi kululanyiswe ezempilo ngokuvimbela nokwelapha ukugula. Ukwelapha kwanamuhla kusebenzisa inzululwazi yekwelaphimpilo, ucwaningo lwekwelaphimpilo, izifuzisi, kanye nobuchwepheshe bezokwelapha ukuze kuxilongwe, kwelashwe, futhi kuvinjelwe ukulimala kanye nezifo, ngokuvamile ngemithi noma ngokuhlinzwa okuhlukahlukene, kodwa futhi nangokwelashwa okufana nokwelaphungqondo, izinsika zangaphandle kanye nokudonswa, iziklamo zokwelapha, ezomchazabomi, kanye nemiyonzi ehonyozayo, phakathi kokunye.

Ezokwelapha bekulokhu kuyinto eyenziwa kusuka ezikhathini zasendulo, futhi bekulokhu kuwubuciko obuyamaniswa nezinkolelo zefilosofi nezesiko. Nokwesibonelo, endulo izinyanga noma abalephi babesebenzisa amakhambi noma bathemeleze imikhuleko, bashweleze emadlozini, futhi ezinye izinyanga zazihlanza igazi lesiguli lapho ziselapha. Emashumini eminyaka yakamuva, selokhu kwafika inzululwazi yanamuhla, inqwaba yezokwelapha seyiphenduke ubuciko nezokwelapha ngaphansi kwegama elithi inzululwazi yezokwelapha. Ngokwesibonelo, nakua ubunyoninco bokuthunga imithungo bufundwa ngokuenza ngezandla, ulwazi balokho okwenzeka ezingeni lamangqamuzana nemizwayi ezicuwini ezithungwayo butholakala ngenzululwazi.

Elithi ezokwelapha yigama elisho inzululwazi yokuxilonga ukuhlahla, ukupholisa nokuvimbela izifo. Igama elithi ezokwelapha livela esenzweni ukwelapha noma ukunyanga, elisho ukuphulukisa noma ukuphilisa ogulayo, kungaba ngemithi noma okunye.

Umuntu owelaphayo ubizwa umelaphi, bese ikhambi noma imithi yona ibizwa izelapho. Igama lokuhlonipha lokwelapha lithi ecapha.

  1. The practice of clinical medicine as an art and as a science. p. 18–22.