Utshani (original) (raw)
Utshani
Utshani obaziwa nangokuthi inkotha, buwumndeni omkhulu futhi ogcwele yonke indawo wezitshalo eziqhakaza izimbali ezimkhasichwe (monocotyledonous) ezaziwa kakhulu ngokuthi utshani bangempela . Lo mndeni uhlanganisa utshani obusanhlamvu, uqalo, utshani bezinkangala kanye nezinhlobo ezitshalwe zotshani isingasinandi nasemadlelweni . Utshani umndeni owaziwa kakhulu eqenjini elingakahleleki elaziwa ngokuthi ubutshani .
Njengoba kunozalo olungaba angama-780 kanye nemiqhinqo engaba yizi-12,000, [1] Utshani buwumndeni wezitshalo wesihlanu ngobukhulu, bulandela i- Asteraceae, i-Orchidaceae, i-Fabaceae kanye ne -Rubiaceae.
Utshani bunozalo olungama-780 kanye nemeiqhinqo eyizi-12,000,[1] umndeni wotshani ungumndeni wezitshalo ongowesihlanu ngobukhulu, olandela lemindeni, Asteraceae, Orchidaceae, Fabaceae, Rubiaceae.[2]
Umndeni wotshani yiwona obalulekile ngokomnotho kunezinye imindeni, njengoba uhlanganisa ukudla okuvela ezitshalweni zamachefeza (cereals) ezifana nommbila, umdloyo (wheat), izindumbuluzana (rice,), umthanca (oats), umnhlayi (barley), nonyawothi (millet) okudliwa abantu nokudla kwemfuyo. Lobu butshani bufukuthisa abantu bubanike amandla abawadingayo: izondumbuluzana ziqukethe amaphesenti angama 20, umdloyo amaphesenti angama-19, bese ummbila ube namaphesenti amahlanu 5%.[3] Amanye amalunga omndeni wotshani asetshenziselwa ukwakha njengoqalo, ifulelo, nomucu; amanye awumthombo olimosibaseli (biofuel) olwenziwa ngokuguwulwa kommbila kube umxambiya.
Utshani bunesiqu esinotshumo ngaphandle kwezindawocezingamafindo (nodes) namacembe amabili avela in two ranks. Ingxenye esezansi yecembe ngalinye ingunga isiqu, kwakheke umshume wamacembe. Iqabunga likhula kusuka esisekelweni secembe, okuyinto eyenza likwazi ukubhekana nokugubulundwa njalo.
Isanzwili - trachypogon polymorphous
Umbhantaka/umncele - andropogon intermedius
Umbhijo - digitaria eriantha
Imbubu
Isibhuzana - andropogon
Isibuzi - andropogon finitimus
Isibusane - andropogon filipendulus
Imbuthane - andropogon pertusus
Isitshube - andropogon appendicularus, eleodendron elionurus
Ubabe - buffalo grass
Ubabe olukhulu - panicum maximum
Ubabe oluncane - small variety of buffalo grass
Umbambelele - Oplismenus Africanus
Umbungane - chloris petrea
Ibungu - cyperus papyrus, isocladus, landolphia capensis
Ucambalala - spreading grass
Uluce/ukhazikhazi - fine river grass with hairlike blades
Ulucebe - andropogon amplectens
Umcele - cympogon anatus
Incapha -scirpus costatus, scirpus prolifer
Incinini/ umdambi- march grass, rush-like
Incimbi - meadow-grass, long stalk white spikes
Induli - cyperus natalensis
Idwala/umgogo - eragrostis curvula
Umgubu/umhlongohlongo - eragrostis plana
Umfeca - digitaria grass
Umfisane - panicum isachne, ruderal grass
Ulugoba - digitaria diagonalis
Umhashaza - long giant grass, corrugated leaves
Umhephuhephu - long coarse grass
Inhlezane - long succulent grass, edible
Uhlonga - cympogon hirtus Kwahlongasibi hlonga + isibi (desert) Where there is no blade of grass Uhlongohlongo - setaria plana
Umuhlwambabala - acanthacea eaten by bushbuck
Ijojo/ujojo
Ukhazi - Oplismenus Africanus
Ikhukhuboya - rough-leaved grass
Ikhumbi - sage grass
Ilozisi - croix lacrima
Umabobe - andropogon cymbarius
Umadolwana - aristida, eragrostis superba
Umafusi - rhynchelytrum setifolium
Umagulugulu - soft veld grass, for rabbits
Umatholwane - eragrostis chapelieri
Umatshamnyama - panicum natalense
Umaveletshethe/uqhathu - running grass in damp places
Imbanjane - cympogon excavatus
Imbayimbanjane - heteropogon contortus
Isinama - setaria verticillata
Isinandi/ulungwengwe- cynodon dactylon
Isinosa - axonopus semialatus
Insinde - anthistira ciliata, anthistira australis, themeda trianda
Insindeboya - trichopterix simplex
Umnyankomo/umsebelele - eleusine indica
Umnyazane - coarse river grass
Inzwembu - woods grass
Isiphephetho sotshani - flowering grass
Umpheshezana - digitaria eriantha
Umqangabodwe - panicum prolifera
Uqethu - old fields grass
Umsebelele - crow foot, goose grass
Insikane - sedge grass, marshes, sharp cutting edge
Isithala - river grass spreading in water
Umthala - erianthus capensis
Ithembu - flowering grass sparaxis or anthericum
Umthente - imperata arundinacea
Umtshiki/umvithi - eragrostis plana
Umtshuma - arundinella eckloni
- 1 2 The number of known plants species in the world and its annual increase. p. 201–217. http://biotaxa.org/Phytotaxa/article/download/phytotaxa.261.3.1/20598. Cite error: Invalid
<ref>tag; name "Christenhusz-2016" defined multiple times with different content - ↑ "Angiosperm Phylogeny Website". Archived from the original on 23 March 2016. Kulandwe ngomhlaka 20 March 2016.
- ↑ "Rice is Life" (PDF). Food and Agricultural Organization of the United Nations. 2004. Archived from the original (PDF) on 2022-02-28.