umoya - Wiktionary (original) (raw)

Ummoya (immoya)

Elithi umoya livela olimini olwandulela isiNtu kwelithi *mʊ̀jòjà, eliwumxhantela welithi *mʊ̀jòjò

umoya (ubuningi imimoya)

  1. uphefu oluphefumulwa iziphili, ezilukhipha futhi zilufake emzimbeni ukuze ziqhubeke ziphila
    • ukuphuma komoya wakhe kuzoba ukufa kwakhe
      losing his breath will be his death
  2. ukuphephetha komhelezo noma isivungu, okunyakazisa imithi lususe uthuli
    • unamandla lomoya wesivungu
      this stormy wind is powerful
  3. isikhala esiphakathi komkhathinga nomhlaba, ngaphezu komhlaba kumoyambulunga
    • izinyoni nezindiza zibhabha emoyeni
      birds and aircrafts fly on air
  4. ingxenye kaThixo engumdwambu wesithathu emva kukaYise neNdodana
    • amakholwa agcwele umoya ongcwele
      believers are filled with holy spirit
  5. isimo esizungezile somuzwa onomthelela kubantu ngokwempilo, ukuziphatha, nesimo sezulu
    • abantu bakulendawo banomoya omuhle
      umuntu onomoya omubi angakuthakatha
      ukuguquka komoya wezwe kubikwa inhlekelele

Ukusetshenziswa kwalo

[hlela]

Elithi umoya libuye lisetshenziswa nalapho kukhulunywa ngomphefumulo.

Amagama asuselwa kulo

[hlela]

umoyambulunga, umoya wentombi, umoya wovungu, umoyomnandi, umoyushisa, umoya ongcwele, isingamoya